Imicabango yababhali base-Afrika ngempumelelo yabesifazane: kuhlaziywa inoveli kaJabulani Mngadi ethi Usumenyezelwe-ke Umcebo

Imibono evezwe kule atikeli igxile enovelini yesiZulu, Usumenyezelwe-ke Umcebo eyabhalwa nguJabulani Mngadi ongomunye wababhali abahloniswayo kwezobuciko besiZulu. Ithuluzi lokucwaninga elibizwa ngokuthi yiStatus Incongruity Hypothesis yilona elisetshenziselwe ukuveza imizwa yababhali mayelana nempu...

Full description

Saved in:
Bibliographic Details
Published in:South African Journal of African Languages Vol. 42; no. 2; pp. 144 - 151
Main Authors: Nkosi, Vusumuzi J, Zondi, Nompumelelo B
Format: Journal Article
Language:Afrikaans
English
Published: Pretoria Routledge 04-05-2022
Taylor & Francis Ltd
Subjects:
Online Access:Get full text
Tags: Add Tag
No Tags, Be the first to tag this record!
Description
Summary:Imibono evezwe kule atikeli igxile enovelini yesiZulu, Usumenyezelwe-ke Umcebo eyabhalwa nguJabulani Mngadi ongomunye wababhali abahloniswayo kwezobuciko besiZulu. Ithuluzi lokucwaninga elibizwa ngokuthi yiStatus Incongruity Hypothesis yilona elisetshenziselwe ukuveza imizwa yababhali mayelana nempumelelo eyaziwa ngokuthi ingeyabesifazane emisebenzini yobuciko. Inoveli kaMngadi ikuveza kucace ukuthi amasiko abomdabu base Afrika awayeseki neze impumelelo yabantu besifazane. Le atikeli ihlose ukwedlulisela umzabalazo wabantu besifazane enkundleni yamasiko nalokho akulindele kubo. Okutholiwe ekucwaningeni wukuthi: (1) eNtshonalanga impumelelo yomuntu wesifazane ithathwa njengeyakhe yena siqu, kanti emiphakathini yabomdabu base Afrika impumelelo yomuntu wesifazane ayithathwa neze njengeyakhe uqobo kodwa njengeyalowo muntu wesilisa omphethe; (2) emiphakathini eminingi emhlabeni impumelelo yomuntu wesifazane ivele inekelwe izwe nje kungabe kusanakwa nokuphepha kwakhe, okukugcina wukuthi (3) emiphakathini yabomdabu yase Afrika umuntu wesifazane oyisihlabani uyajeziswa ngabantu besilisa nabanye abantu besifazane. Atikeli ivumbulule ukuthi kukhona isikhala esikhona ezifundweni zeFeminism ngaphansi kwalesi sihloko sayo nokuthi lesi sikhala singavalwa ngokuthi kusetshenziswe iStatus Incongruity Hypothesis ukuphenya imisebenzi yobuciko besiZulu efana namanoveli, amadrama, izindatshana nezinkondlo.
ISSN:0257-2117
2305-1159
DOI:10.1080/02572117.2022.2094054